Wamukelekile

OpenOffice.org 2.0 FundaMina

Ukuthola ukuvuselelwa okusha kuleli fayela lefunda mina, buka http://www.openoffice.org/welcome/readme.html

Msebenzisi Othandekayo

Leli fayela liqukethe ulwazi olubalulekile mayelana nalolu hlelo lwemisebenzi. Siza ufunde lolu lwazi ngokucophelela ngaphambi kokuqala umsebenzi.

Umphakathi we-OpenOffice.org, obhekene nokuthuthukiswa kwalomsebenzi, uthanda ukukumema ukuba ubambe iqhaza njengelungu lomphakathi. Njengomsebenzisi omusha ungabheka isiza se-OpenOffice.org esinolwazi olusizayo lomsebenzisi ku

http://www.openoffice.org/about_us/introduction.html

Funda futhi lezi zigaba ezingezansi mayelana nokuhlanganyela kulomsebenzi we OpenOffice.org.

Amapheshana Okufakwa

Izidingo Zesistimu:

Ubunzima bokuqala i-OpenOffice.org (e.g. ukulengisa imiyalelo) kanye nezinkinga zokuvezwa kwesikrini zibangwa umshayeli wekhadi lemidwebo. Uma lezi nkinga zenzeka, siza uvuselele umshayeli wekhadi lakho lemidwebo noma zama ukusebenzisa umshayeli wemidwevbo othunyelwe kanye nesistimu yakho yokusebenzisa. Ubunzima obuvezwa ngamalunga angu-3D bungaxazululwa ngokukhubekisa ukhetho "Vula OpenGL" ngaphansi 'Amathuluzi - Izinketho - Umbukiso - Umbukiso ongu-3D'.

Ungafaka i-OpenOffice.org 2.0 malungana ne nenguqulo endala ye OpenOffice.org. Uma kamuva ukhetha ukhetha ukuyikhipha inguqulo endala ye OpenOffice.org, kufanele ubize uhlelo lokufaka izinhlelo lwenguqulo entshabese ukhetha u 'Lungisa'. Lokhu kuqinisekisa ukuthi inguqulo entsha ibhaliswe ngokufaneleku sistimu yakho.
Ucelwa ukuba uqaphele ukuthi ukukopisha nokunameka usebenzisa iklipbodi phakathi kwe-OpenOffice.org 1.x kanye ne OpenOffice.org 2.0 kungase kungasebenzi ngesimo se-OpenOffice.org. Uma lokho kwenzeka, khetha u 'Baza - Ukunameka kwe Sipesheli' bese ukhetha esinye isimo ngaphandle kwese OpenOffice.org, noma uvule idokhumenti ku OpenOffice.org 2.0 ngokuqondile.

Siza uqiniseke ukuthi unenkumbulo eyanele ohlwini lwamafayela esikhashana kwisistimu yakho nokuthi amalungelo okufunda, okubhala kanye nokusebenza asenikeziwe. Vala zonke izinhlelo zemisebenzi ngaphambi kokuqala ukufakwa.

Izinkinga Ngesikhathi Sokuqalisa kwe-Gnome

Uma uhlangabezana nezinkinga zokuqalisa i-OpenOffice.org (kakhuluzi ngesikhathi usebenzisa i-Gnome) siza wenze u-'unset' SESSION_MANAGER ngaphakathi kwegobolondo olisebenzise ekuqaleni i-OpenOffice.org. Lokhu kungenziwa ngokongeza ulayini othi-"unset SESSION_MANAGER" ekuqaleni kombhalo wegobolondp lehhovisi otholakala ohlwini lamafayela "[isigcini samafayela]/program".

Ishintsha Uhlobo lwamagama Loxhumanisi Womsebenzisi

Kwi OpenOffice.org ungakwazi ukushintsha uhlobo lwamagama olusetshenziswe ukuvezwa eskrinini nase kuprinteni ngokusebenzisa uhlobo lwamagama olufakwe ku sistimu yakho esikhundleni esikhundleni salo. Lokhu kungenziwa ngokusebenzisa indlela yokushintsha uhlobo lwamagama. Khetha 'Amathuluzi - Ukukhetha - OpenOffice.org - Fonts' ukuze ufinyelele ithebula lokushintsha uhlobo lwamagama.

Ukushintsha uhlobo lwamagama lomxhumanisi womsebenzisi we-OpenOffice.org, kumele ubuyisele esikhundleni uhlobo lwamagama lwendalo "Andale Sans UI" ngolunye uhlobo lwamagama ebese umaka isilungiselelo "sanjalo" salokhu kubuyiselwa.

Bhekisa Kusizo lwe-OpenOffice.org ukuthola incazelo ejulile yengxoxo.

Izinkinobho zezindlela ezimfushane

Ngokhiye bezindlela ezinqamulelayo kuphela (inhlanganisela yokhiye) labo abangasetshenziswanga yi-operating systemabangasetshenziswa ku OpenOffice.org. Uma inhlanganisela yokhiye be-OpenOffice.org ingasebenzi njengoba kuchazwe Osizweni lwe-OpenOffice.org, hlola ukuthi leyo ndlela enqamulelayo ayisetshenziswa kakade kwi-operating system. Ukulungisa lokho kungqubuzana, ungashintsha izinkinobho ezabiwe yi-operating system yakho. Kungenjalo, ungashintsha noma yiyiphi inkinobho eyabiwe ku OpenOffice.org. Ukuze uchazelwe kabanzi ngalesi hloko, hlola Usizo lwe OpenOffice.org noma amadokhumenti Osizo e-operating system yakho.

Ukukhiywa Kwefayela

Ngokuhlela kwenjwayelo, amafayili ahlala ekhiyiwe ku OpenOffice.org. Ukususa lokhiye, kufanele uhlele izimo ezizungezile ezihlelekile SAL_ENABLE_FILE_LOCKING=0 and export SAL_ENABLE_FILE_LOCKING. Lemibhalo isise simweni sokwenza kwifayili lohlaka lwe-soffice.

Isexwayiso: Ukunyakazisa ingxenye yokukhiya ifayela kungabanga izinkinga nge-Solaris 2.5.1 kanye no- 2.7 esetshenziswe nge-Linux NFS 2.0. Uma indalo yesistimu yakho inalemibandela, siyatusa ukuthi ukugweme ukusebenzisa ingxenye yokukhiya ifayela. Uma kungenjalo i-OpenOffice.org izolenga uma uzama ukuvula ifayela elisuka efayeleni ohlwini lwamafayela olunyusiwe lwe-NFS olusuka kwikhomputha yakho ye-Linux.

Ikhodi Lemvelaphi Elisetshenzisiwe/Elilungisiwe

Izingxenye Zelungelo lokushicilela 1998, 1999 James Clark. Izingxenye Zelungelo Lokushicilelala Lenhlanganiseli Yezokuxhumana ye-Netscape 1996, 1998.

Indlela Ongahileleka Ngayo

Umphakathi we-OpenOffice.org ungazuza kakhulu ekuzinikeleni kwakho ekuthuthukisweni kwalomsebenzi wemvelaphi evulelekile.

Njengomsebenzisi, usuyigxenye ebalulekile yokuthuthukiswa kwalenqubo yalolu hlelo futhi sifisa ukukukhuthaza ukuba ubambe iqhaza ngokubonakalayounombo wokufaka isandla isikhathi eside ezintweni zomphakathi. Sivela ukuba ujoyine bese ubheka ikhasi labasebenzisi ku: http://www.openoffice.org

Ukubhalisa

Sicela uthathe isikhashana ugcwalise imininingwane engemingaki yoku Bhaliswa Komkhiqizo lapho ufaka loluhlelo lwe software. Nakuba ukubhalisa kungaphoqelekile, sikukhuthaza ukuba ubhalise, ngoba lokhu kwaziswa kwenza umphakathi ukwazi ukwenzaizinhlelo ze-software ezingcono futhi ezibhekela izidingo zabasebenzisi ngokuqondile. Ngenxayo Mgomo Wayo Wokugcina Izinto Ziyisifuba, Umphakathi we-OpenOffice.org wenza konke okusemandleni ukuvikela iminingwane ebalula uqobo lwakho. Uma kwenzeka uphutha ukubhalisa ngenkathiufaka uhlelo, ungabuye ubhalise nanganoma yisiphi esinye isikhathi ku http://www.openoffice.org/welcome/registration-site.html

Inhlolo-vo yabasebenzisi

Kukhona futhi Umbuzo Womsebenzisi etholakala ngaphathi koxhumano esikukhuthazayo ukuthi uligcwalise. Iphepha lemibuzo Yomsebenzisi lisiza i-OpenOffice.org ikuba isebenze ngokushesha ekumiseni umgangatho wokudalwa kwesizalwane esisha sehhovisi. Ngalo mgomo Wangasese, Umphakathi we-OpenOffice.org uqinisekisa ukuvikeleka kolwazi lwakho lwangasese.

Bika Amagciwane & Nezinkinga

Isiza se-Internet se-OpenOffice.org sethula i-IssueZilla, okuyindlela yethu yokubika, yokulandela kanye nokuxazulula izinkinga zamagciwane kanye nokunye. Sikhuthaza bonke abasebenzisi ukuba baziwebenelungelo futhi bemukelekile ukubika izinkinga ezingase zivele ekusebenzeni kwabo. Ukubika izinkinga ngomdlandla kungenye yezindlela ezibaluleke kakhulu umphakathi wabasebenzi ongafaka ngazo isandla ekuthuthukisweni okuqhubekayo nokwenziwa ngcono kwalolu hlelo lweqoqo lwezisetshenziswa ze khomputha.

Joyina

Nalu uhlu lokuthumela iposi lomsebenzi ongawujoyina e http://www.openoffice.org/mail_list.html

Joyina owodwa noma eminingi Imsebenzi

Ungakwazi ukwenza umahluko omkhulu kulomsebenzi obalulekikle wemvelaphi evulekile nomangave unolwazi oluncane mayelana nokwakhiwa kwengaphakathi lekhomputha noma okokufaka ikhodi. Yebo, wena!

Ku http://projects.openoffice.org/index.html uyothola amasu emisebenzi enjengeye Localization, izinhlelo ze-Porting kanye namaqoqo e-Groupware ngisho nemisebenzi eyinhloko yokubhala amakhodi. Uma ungeyena umthuthukisi, ungazama izinhlelo ze Documentation noma Imisebenzi Yezentengiselwano. Lomkhankaso Wezentengiselwano we OpenOffice.orgusebenzisa zombili izindlela zokuthengisa ezingokwesiko nezingajwayelekile ukuthengisa izinhlelo ze-software ye open source, futhi lokho sikwenza singena mingcele yolimi nezenhlalo, ngakho ke ungasiza ngokuhlaba umkhosi ngokuthi wazise umnganengalolu hlelo lokusetshenziswa ehhovisi.

Ungasiza ngokujoyina abo Chungechunge Lwezokuxhumana Nezentengiselwano lapha: http://marketing.openoffice.org/contacts.html lapho unganikeza khona ngokuxumana kokuthintana nabezindaba, iminyangokahulumeni, abaxhumanisi, izikole, Amaqembu Abasebenzisi be-Linux kanye nabathuthukisiabasezweni lakini nomphakathi wangakini.

Ukuxhaswa Komsebenzisi

Ukuze uthole usizo mayela ne OpenOffice.org 2.0 office suite, bheka amaqoqoagciniwe ukuze uthole imibuzo esiphenduliwe ohlwini lwe posi lwe 'users@openoffice.org' ku http://www.openoffice.org/mail_list.html. Uma kungenjalo, ungathumela imibuzo yakho e- users@openoffice.org. Khumbula ukujoyina ohlwini ukuze uthole impendulo yeposi lekhomputha.

Bheka futhi uhlu lwe FAQ ku http://user-faq.openoffice.org/.

Indlela Yokuqala

Indlela engcono yokuqalisa ukufaka isandla ukuba ujoyine kweyodwa noma ezingaphezulu izinhlu zabathunyelwa iposi, linda isikhashana, bese kancane kancane usebenzisa imibhalo egciniwe ukuzijwayeza izihloko eziningi esezike zadingidwa kusukela ekwethulweni kwe-source code ye OpenOffice.org emuva le ngo October 2000. Lapho usujwayele, udinga nje ukuthumela iposi lekhomputha ukuzazisa bese uyangena ke. Uma usuyijwayele Imisebenzi ye Open Source, bheka uhlu lwethu Lokwenziwayo ubone ukuthikukhona yini ongakwenza ukuze usize ku http://development.openoffice.org/todo.html.

Sithemba ukuthi uyakujabulela ukusebenza nge OpenOffice.org 2.0 entsha futhi uzosijoyina kuxhumano lwethu.

Umphakathi we OpenOffice.org